Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:30 - IsiZulu 2020

30 Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kwase kuphuma izikhulu zamaFilisti; kwathi njalo uma zisaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha kakhulu kunazo zonke izinceku zikaSawule, laze laduma kakhulu igama lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Zase ziphuma izikhulu zamaFilisti, zaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha ngaphezu kwazo zonke izinceku zikaSawule; ukuze igama lakhe libe likhulu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:30
17 Referans Kwoze  

Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.


UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


Ngakho-ke kini enikholwayo liyigugu, kodwa kwabangakholwayo; itshe abalinqabayo abakhi, yilo elaba yinhloko yegumbi,


Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu.


Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo,


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo, yabafumanisa bedlula kalishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


Nginokuqonda okubedlula bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.


Kuyigugu emehlweni kaSimakade, ukufa kwabangcwele bakhe.


Yabuye yathumela induna yesithathu yabangama-50 inama-50 ayo. Yakhuphuka leyo nduna yesithathu, yafike yaguqa phambi kuka-Eliya, yamncenga, yathi: “Muntu kaNkulunkulu ngiyakunxusa, ukuphila kwami nokwalezi zinceku zakho ezingama-50 makube yigugu emehlweni akho.


USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami, Davide, ngokuba angizukukulimaza futhi, njengoba ukuphila kwami kube yigugu emehlweni akho namuhla; ngenzise okwesiwula, ngidukile kakhulu.”


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


Kwakhula kakhulu kuSawule ukumesaba uDavide. USawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi.


Futhi bheka, njengoba ukuphila kwakho kube kukhulu emehlweni ami namuhla, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaSimakade; makangisindise ekuhluphekeni konke.”


Kwaphinde kwaqubuka impi, uDavide waphuma wayokulwa namaFilisti, wabulala amaningi; asindayo acela empunzini.


Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni.


Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe, kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite