Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:25 - IsiZulu 2020

25 USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni lobolo, ifuna kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiselwe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wayecabanga ukuthi uDavide uzobulawa ngamaFilisti.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiswe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wacabanga ukumwisa uDavide ngesandla samaFilisti.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kepha amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba aphindisele ezitheni zenkosi. Kodwa uSawule wacabanga ukumyeka uDavide awe ngesandla samaFilisti.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:25
13 Referans Kwoze  

USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.


Nqumani ilobolo nezibizo zenu, akukhathaleki ukuthi nibiza kangakanani, mina ngizoninika konke enikufunayo, inqobo nje uma nizongiganisela indodakazi yenu ibe ngumkami.”


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Ngakho-ke uJoshuwa wazenzela imimese ngetshe lensengetsha, wasoka abantu bakwa-Israyeli eGqumeni Lamajwabu.


UJakobe wamthanda uRaheli, wayesethi kuLabani: “Ngizokukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.”


Izinceku zikaSawule zamtshela, zathi: “Ukhulume kanjalo-ke uDavide.”


UDavide wathumela izithunywa ku-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali, engamkhokhela ngamajwabu amaFilisti ayikhulu.”


USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite