Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:14 - IsiZulu 2020

14 UDavide waba nempumelelo kuzo zonke izindlela zakhe; uSimakade wayenaye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:14
18 Referans Kwoze  

Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”


USimakade wayenaye uJoshuwa, udumo lwakhe lwagcwala ezweni lonke.


ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.”


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Kuyakuthi lapho zonke lezo zinto usuzibonile, uyokwenza konke isandla sakho esikufumanayo, ngokuba uNkulunkulu unawe.


USawule ebona ukuthi uDavide unempumelelo, wamesaba.


USimakade waba naye noma kuphi lapho ayeya khona, wachuma, wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, akabe esayikhonza.


Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami.


USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi.


USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.


Kwaphinde kwaqubuka impi, uDavide waphuma wayokulwa namaFilisti, wabulala amaningi; asindayo acela empunzini.


UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.


UDavide wamisa amabutho e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela kuye. USimakade wamenza ukuba uDavide anqobe noma kuphi lapho eya khona.


Wamisa amabutho kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wenza uDavide ukuba anqobe noma kuphi lapho ayeya khona.


USimakade wayenaye uJehoshafathi, ngokuba wahamba ngezindlela zakuqala zikakhokho wakhe uDavide, akazange afune oBhali,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite