Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:12 - IsiZulu 2020

12 USawule wamesaba uDavide, ngoba uSimakade wayenaye, kodwa esesukile kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, wasuka kuSawule.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:12
23 Referans Kwoze  

Kwakhula kakhulu kuSawule ukumesaba uDavide. USawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi.


USawule ebona ukuthi uDavide unempumelelo, wamesaba.


USamuweli wathi kuSawule: “Ungiphazamiselani ngokuthi ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihlupheke kakhulu, ngoba amaFilisti alwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli ngabaphrofethi noma ngamaphupho, yingakho ngikubizile ukuze ungazise ukuthi kumele ngenzenjani.”


Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”


Kuthe esakhuluma ngokulunga, ngokuzithiba, nangokwehlulela okuzayo, uFelikisi washaywa luvalo, wayesephendula ethi: “Okwamanje hamba, kodwa uma ngithola ithuba, ngizokubiza.”


“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, base bethengisa ngaye eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayenaye.


Bonke abantu, nomakhelwane baseGerasa, bamcela ukuba asuke kubo, ahambe, ngokuba babekhungethwe ngukwesaba okukhulu. Ngakho-ke uJesu wangena esikebheni, wabuyela lapho ayevela khona.


UHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi uyindoda elungileyo, engcwele, futhi wayemvikela. Lapho uHerode emlalela uJohane wayesala ekhathazekile kakhulu, nokho wayethanda ukumlalela.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oyiNgcwele.


USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe wena nendodana kaJese lapho uyinika isinkwa, nenkemba, wayibuzela kuNkulunkulu ukuba imelane nami, ingilalele unyendle njenganamuhla na?”


UMikhali, indodakazi kaSawule, wayemthanda uDavide. Abantu bamtshela uSawule, kwaba kuhle lokho kuye wavumelana nakho.


USamuweli wenza lokho akutshelwa nguSimakade, waya eBhethlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ngabe uze ngokuthula na?”


USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba.


USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi.


UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.


USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.


UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.


USimakade wayenaye uJehoshafathi, ngokuba wahamba ngezindlela zakuqala zikakhokho wakhe uDavide, akazange afune oBhali,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite