Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:10 - IsiZulu 2020

10 Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kwathi ngangomuso umoya omubi kaNkulunkulu wehlela uSawule, waprofetha phakathi kwendlu; uDavide wabetha ngesandla sakhe njengakuqala, kwakukhona umkhonto esandleni sikaSawule.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:10
17 Referans Kwoze  

Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela ukulutheka okunamandla, ukuze bakholwe ngamanga,


Kwathi lapho isidlulile imini, baphrofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubanga khona zwi, nophendulayo, nonakekelayo.


Umoya omubi owawuvela kuSimakade wehlela kuSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto ngesandla; uDavide wayebetha ihabhu ngesandla.


Kwathi lapho siya endaweni yokukhuleka, kweza intombazane enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Kwakuthi nxa umoya ovela kuNkulunkulu umehlela uSawule, uDavide athathe ihabhu, alishaye ngesandla sakhe; akhululeke uSawule, abe ngcono, umoya omubi usuke kuye.


UHananiya wakhuluma phambi kwabo bonke abantu, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizolephula kanjalo-ke ijoka likaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, entanyeni yezizwe zonke, ingakapheli iminyaka emibili.’ ” Kepha umphrofethi uJeremiya wabamba eyakhe indlela.


Bonke abaphrofethi babephrofetha kanje, bethi: “Yenyukela eRamothi Gileyadi, ube nempumelelo, ngokuba uSimakade uzolinikela esandleni senkosi.”


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


USawule wamqaphelisisa uDavide kusukela kulolo lusuku.


UJonathani wambiza uDavide wamtshela konke okwakushiwo nguyise. UJonathani waletha uDavide kuSawule, wamsebenzela njengakuqala.


UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.


USawule wazama ukuphisela uDavide ngomkhonto odongeni, kodwa waphunyula kuSawule, umkhonto waphaphalaza wagwaza udonga. UDavide wayesebaleka, waphunyuka kanjalo-ke ngalobo busuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite