Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:45 - IsiZulu 2020

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, umkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe ngegama likaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

45 UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:45
21 Referans Kwoze  

ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi,


Ngamandla omuntu nje anaye, kodwa uSimakade uNkulunkulu wethu unathi ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya, inkosi yakwaJuda.


kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Usizo lwethu lusegameni likaSimakade owenzile izulu nomhlaba.


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


Ngubani lona omedelelile, nomethukile na? Ngubani lona omphakamisele izwi lakho, nobhekisa amehlo akho phezulu, umqhoshela na? Ngabe ukwenza lokhu koNgcwele ka-Israyeli!


UmFilisti wathi: “Ngiyazedelela namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.”


Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela


Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Ngokuba angethembele emnsalweni wami, nenkemba yami ayingisindisanga.


“Ngiyakwazi ukusukuma kwakho, nokuhlala phansi kwakho; ukuphuma nokungena kwakho, nokubhovumula kwakho ngami;


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe.


U-Asa waphuma ukuba abhekane naye, wawahlela amabutho akhe esigodini eZefatha, ngaseMaresha.


Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite