Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:35 - IsiZulu 2020

35 Ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayihlenga imvu emlonyeni wakho. Kuthe lapho kungivukela ngakubamba ngedevu ngakushaya phansi, ngakubulala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayophula emlonyeni wakho; lapho kwangivukela, ngakubamba ngesilevu, ngakwahlula, ngakubulala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Ngaphuma ngiyilandela, ngayishaya, ngayisindisa emlonyeni wayo; lapho ingivukela, ngayibamba ngentshebe ngayishaya ngayibulala.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:35
9 Referans Kwoze  

Usho kanje uSimakade uthi: “Njengomelusi ekhulula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma ingxenye yendlebe, bayakukhululwa kanjalo abantu bakwa-Israyeli, abahlala eSamariya ezihlalweni ezinofonofo ezembozwe ngosilika.”


UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.”


Uyonyathela ingonyama nebululu, ufihlize phansi ibhongo lengonyama nodrago.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli; wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini ngosuku likhithikile.


UDavide wathi kuSawule: “Inceku yakho yayaluse izimvu zikayise lapho kufika ingonyama nebhere kuthatha imvu emhlambini.


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite