Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:28 - IsiZulu 2020

28 U-Eliyabe, umfowabo omdala, wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye nobani leziya zimvu ezingengakanani ehlane? Ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, wehlile ukuba uzobona impi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma namadoda; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Uzeleni lapha na? Uzishiye nobani lezo zimvu ezimbalwa ehlane? Mina ngiyakwazi ukuzikhukhumeza kwakho lenkani yenhliziyo yakho; ngoba nehlele ukubona impi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:28
15 Referans Kwoze  

Izitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.


Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula umuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.


Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.


Abafowabo bathi kuye: “Usho ukuthi uzoba yinkosi yethu usibuse na?” Yabhebhetheka kakhulu inzondo kubafowabo ngenxa yamaphupho namazwi akhe.


Abafowabo bakubona ukuthi uyise umthanda kunabo bonke abafowabo, ngakho-ke bamzonda, futhi ababe besakwazi ukukhuluma kahle naye.


Abakubo, sebekuzwile lokho, baphuma ukuyomthatha, ngokuba bathi usangene.


Kepha laba, bahlambalaza nalezo zinto abangazaziyo, babhujiswa nayilezo zinto abazaziyo ngokwemvelo, njengezilwane ezingenakuqonda.


UPilatu wayazi ukuthi uJesu bamnikele ngenxa yomona.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Ofakazi abaningi abayizidlova bangivukele, bangibuza ngezinto engingazaziyo.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


Kepha uDavide wathi: “Ngenzeni na? Bengizibuzela nje.”


URehobhowamu waganwa nguMahalathi, indodakazi kaJerimothi, indodana kaDavide neka-Abhihayili, indodakazi ka-Eliyabe, indodana kaJese.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite