Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:24 - IsiZulu 2020

24 Bonke abantu bakwa-Israyeli kwathi ukuba bambone lowo muntu babaleka, ngoba babesaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu bambalekela, besaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Lapho wonke amadoda akwa-Israyeli eyibona le ndoda, abaleka phambi kwayo futhi esaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:24
9 Referans Kwoze  

Inkulungwane iyakubaleka isongelwa ngoyedwa; kuthi ngokusongelwa ngabayisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe ninjengensika esiqongweni sentaba, nanjengebhanela phezu kwegquma.”


Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.


Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”


“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.


Kepha esakhuluma nabo; bheka, kwenyuka isikhondlakhondla somFilisti waseGathi, uGoliyathi igama laso, saphuma ezinhleni zamaFilisti, saphinda wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.


Bonke abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukele ukweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite