Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 17:11 - IsiZulu 2020

11 Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawa mazwi omFilisti, bethuka, besaba kakhulu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 17:11
12 Referans Kwoze  

Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


USimakade nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayukukulahla, akushiye; ungesabi, ungashaywa luvalo.”


“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


Esezwile amaFilisti ukuthi abakwa-Israyeli babuthene eMizpha, amakhosi amaFilisti akhuphuka ukuyolwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli bezwa, bagcwala ukwesaba phambi kwamaFilisti.


UmFilisti wathi: “Ngiyazedelela namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.”


UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule.


AmaHebheru awela iJordani, aya kwaGadi nakwaGileyadi. USawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela.


Ngakho-ke wayiguqula indlela aziphethe ngayo phambi kwabo, wenza sengathi ingqondo yakhe iphambene ngesikhathi ephambi kwabo. Wadweba ezivalweni zamasango, wagxiza amathe, ehla ngesilevu.


USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite