Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 16:21 - IsiZulu 2020

21 UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; wamenza udibi lwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe; wamthanda kakhulu, waba ludibi lwezikhali zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; waba ludibi lwezikhali zakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 16:21
13 Referans Kwoze  

Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.


Ningathembeli ezikhulwini nasemadodaneni abantu, eningeke nathola lusizo kubo.


Kuhle ukuphephela kuSimakade, kunokwethemba izikhulu.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezima njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.


Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe.


Masinyane wabiza insizwa eyayiwudibi lwakhe, wathi kuyo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuze abantu bangathi ngami: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Insizwa yamgwaza wafa.


USawule wathumela kuJese, wathi: “Mvumele uDavide abe yisikhonzi sami, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”


UDavide wasuka kuSawule, wabuyela ekwaluseni izimvu zikayise eBhethlehema.


Ngesikhathi uSawule embona uDavide ephumela ukuyohlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abhineri, umkhuzi wempi: “Abhineri, uyindodana kabani lo mfana?” U-Abhineri wathi: “Ngifunga ngiyagomela, angimazi.”


UJonathani wambiza uDavide wamtshela konke okwakushiwo nguyise. UJonathani waletha uDavide kuSawule, wamsebenzela njengakuqala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite