Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 16:18 - IsiZulu 2020

18 Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Yasiphendula enye yezinceku, yathi: “Bheka, ngabona indodana kaJese waseBetlehema ehlakaniphileyo ekudlaleni, nendoda enamandla, neqhawe, ehlakaniphileyo emsebenzini, nenhle; futhi uJehova unaye.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 16:18
16 Referans Kwoze  

USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.


Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.


USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe.


Kuyakuthi lapho zonke lezo zinto usuzibonile, uyokwenza konke isandla sakho esikufumanayo, ngokuba uNkulunkulu unawe.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Ngisho nonesibindi, onenhliziyo enjengeyengonyama, uyophelelwa ngamandla ngenxa yokwesaba, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabantu ahamba nabo bangamaqhawe anamandla.


UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu.


UJowabe, inceku yakho, lokho ukwenzile ukuba aguqule isimo sezinto; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulunkulu, ukwazi konke okusemhlabeni.”


USawule wayesethi kuzo izinceku zakhe: “Ngifuneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi.”


USawule wayesethumela izithunywa kuJese, wathi: “Mthumele kimi uDavide, indodana yakho esezimvini.”


UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule.


Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.”


Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe, kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite