Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:8 - IsiZulu 2020

8 Wambamba ephila u-Agagi inkosi yama-Amaleki, waqotha ngenkemba imbokodo nesisekelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki ephila, wababulala bonke abantu ngosiko lwenkemba ngesiqalekiso.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:8
15 Referans Kwoze  

Kwathi ngosuku lwesithathu lapho uDavide nabantu bakhe befika eZikilagi, bathola ukuthi ama-Amaleki ayehlasele eNegevu naseZikilagi, alinqoba, alishisa ngomlilo.


Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.


Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.


Insali yabalekela emzini e-Afeki; ugange lwawela phezu kwamadoda ayizi-27 000 ayesele. UBheni Hadadi wabalekela emzini, ukuyobhaca.


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


UJoshuwa wayidla yonke imizi yalawo makhosi nawo wonke amakhosi ayo, wakuchitha ngenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaSimakade.


walidla nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, balichitha ngenkemba, baqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye; njengalokhu ayenzile eHebhroni, naseDebhiri nakuyo inkosi yalo, naseLibhina nakuyo inkosi yalo.


USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaSimakade, ngiluthathile uhambo abengithume lona uSimakade. Ngilethe u-Agagi, inkosi yama-Ameleki, ngawabhubhisa wonke ama-Amaleki.


e-Aramu, kwaMowabi, kubantu bakwa-Amoni, kumaFilisti, kuma-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha.


Bayibhubhisa insali yama-Amaleki eyayiphunyukile, basahlala lapho kuze kube namuhhla.


“ ‘Umuntu oqalekisiweyo phakathi kwabantu akasoze ahlengwa; uyobulawa nokubulawa.


Abayibulalanga nokho inkosi yase-Ayi, kodwa bayithumba bayiletha kuJoshuwa.


INobhi, umuzi wabaphristi wawubhubhisa ngenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi, izimbongolo nezimvu, wakubhubhisa ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite