Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:3 - IsiZulu 2020

3 Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Manje hamba ushaye u-Amaleki, uchithe konke anakho, ungawayekeli; kodwa nihlabe iduna nensikazi, nezinsana, nezinsana, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:3
20 Referans Kwoze  

UBhileyamu wabona u-Amaleki, wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “U-Amaleki wayengowokuqala ezizweni, kodwa isiphetho sakhe ngukubhujiswa.”


INobhi, umuzi wabaphristi wawubhubhisa ngenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi, izimbongolo nezimvu, wakubhubhisa ngenkemba.


Ngalokho, babulaleni manje bonke abafana, nabo bonke abesifazane asebeyazi indoda.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


UThimna owayeyisancinza sika-Elifazi, wamzalela indodana okuthiwa ngu-Amaleki. Laba babeyisizukulwane sika-Ada, umka-Esawu.


USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”


Walwa ngesibindi, wanqoba ama-Amaleki, wamhlenga u-Israyeli esandleni sabaphangi.


Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa.


USimakade wakuthuma wakuyala, wathi: ‘Hamba uyobhubhisa izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo uze uwaqede nya.’


UDavide walibhubhisa izwe, akaze ashiya muntu ophilayo, owesilisa nowesifazene, wathatha izimvu, izinkabi, izimbongolo, amakameli nezingubo, waya ku-Akhishi.


UDavide wababulala kusukela ekushoneni kwelanga kwaze kwahlwa ngakusasa, akuphunyukanga muntu kubo ngaphandle kwezinsizwa ezingama-400 ezagibela amakameli, zabaleka.


“Wathi kimi: ‘Ungubani na?’ “Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’


walidla nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, balichitha ngenkemba, baqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye; njengalokhu ayenzile eHebhroni, naseDebhiri nakuyo inkosi yalo, naseLibhina nakuyo inkosi yalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite