Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:29 - IsiZulu 2020

29 Ngaphezu kwalokho oyiNkazimulo ka-Israyeli akawaqambi amanga, ngokuba akasiye umuntu ukuba azisole.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Futhi noMandla ka-Israyeli ngeke aqambe amanga futhi ngeke baphenduke, ngoba akayena umuntu ukuthi angaphenduka.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:29
16 Referans Kwoze  

“ ‘Mina Simakade ngikukhulumile lokho; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyukukuyeka, angiyukuhawukela, angiyukuzisola. Uyakwehlulelwa njengokuziphatha kwakho nangezenzo zakho,’ ” kusho iNkosi uSimakade.


UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


Uma singethembekile, Yena uhlala ethembekile, ngokuba akakwazi ukuziphika.


Ngafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”


Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami.


“USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.


Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.


Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele, uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha amandla nezikhwepha. Makadunyiswe uNkulunkulu.


USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owakhuluma kuye, ethi: “INkosi yafunga, ayiyukuzisola, yathi: ‘Wena ungumphristi kuze kube phakade.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite