Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:28 - IsiZulu 2020

28 USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 USamuweli wasesithi kuye: Lamuhla uJehova udabule umbuso wakoIsrayeli kuwe, wawunika umakhelwane wakho ongcono kulawe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:28
20 Referans Kwoze  

Esemsusile esihlalweni, wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide indodana kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza yonke intando yami.’


Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’


Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.”


kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”


USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo lizwi emehlweni akhe, wathi: “Banike uDavide izinkulungwane ezilishumi, kodwa mina banginike izinkulungwane nje; osekumsalele ngumbuso kuphela.”


UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,


ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.”


Manje-ke yenzani lokho, ngokuba uSimakade ukhulumile kuDavide, wathi: ‘Ngenceku yami uDavide, ngiyobasindisa abantu bami, u-Israyeli, emandleni amaFilisti nakuzo zonke izitha zabo.’ ”


Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngisine phambi kukaSimakade owangikhetha ukuba ngibe yinkosi kunoyihlo nabo bonke abendlu yakhe, wangibeka ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaSimakade kwa-Israyeli, yebo, ngisinile phambi kukaSimakade.


engabuzanga kuSimakade. Ngakho-ke wambulala, umbuso wawubuyisela kuDavide, indodana kaJese.


Kuyothi lapho uSimakade esekwenzile konke okuhle enkosini yami njengoba ekhulumile ngawe, akumise ube ngumbusi kwa-Israyeli.


USimakade wathi kuSolomoni: “Njengoba wena wenze lokhu, awaze wasigcina isivumelwano sami nezimiso zami engakuyala ngakho, umbuso ngizowuhlwitha nokuwuhlwitha kuwe, bese ngiwunika inceku yakho.


Uyabaphahlaza abanamandla, engaphenyanga, abeke abanye ezikhundleni zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite