Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:19 - IsiZulu 2020

19 Awulalelanga ngani izwi likaSimakade? Kungani uphuthume wathatha impango, wenza okubi emehlweni kaSimakade na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Pho, kungani ungalilalelanga izwi likaJehova, kodwa waphaphatheka empangweni, wenza okubi emehlweni kaJehova?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:19
11 Referans Kwoze  

Bayithelekela impango: bathatha izimvu, izinkabi namankonyane, bakuhlaba, bakudla kusenegazi.


Ngabe le ndlu ebizwa ngeGama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyabona, kusho uSimakade.


Othola inzuzo ngokungafanele uhlupha umndeni wakhe, kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.


Wenza okubi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe. Akazithobanga phambi kukaJeremiya, umphrofethi owayengumlomo kaSimakade.


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Ngokuba uDema wangishiya waya eThesalonikha ngenxa yokuthanda leli lizwe lamanje. UKhreske waya eGalathiya, uThithu waya eDalmathiya;


USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaSimakade, ngiluthathile uhambo abengithume lona uSimakade. Ngilethe u-Agagi, inkosi yama-Ameleki, ngawabhubhisa wonke ama-Amaleki.


UMose wathi: “Kuyini lokhu? Seneqa futhi izwi likaSimakade na? Aniyukuphumelela.


Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite