Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:12 - IsiZulu 2020

12 USamuweli wavuka ekuseni wayohlangabeza uSawule. USamuweli wabikelwa ukuthi: “USawule ufike eKharmeli, wazimisela insika, wasuka wedlula wehlela eGiligali.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 USamuweli wavuka ekuseni ukuhlangabeza uSawule ekuseni, watshelwa uSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli, bheka, wamlungisela indawo;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:12
12 Referans Kwoze  

IMahoni, iKharmeli, iZifi, iJutha,


U-Absalomu esaphila wayethathe insika, wazimisela yona eSigodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana ezovusa igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; isabizwa ngokuthi yisikhumbuzo sika-Absalomu, kuze kube namuhla.


Kwakukhona umuntu eMahoni owayenemfuyo eKharmeli. Lowo muntu wayecebe kakhulu, enezimvu eziyizi-3 000 nezimbuzi eziyi-1 000. Izimvu zakhe wayezigundela eKharmeli.


Wayesekhuphuka u-Ahabi ukuba adle, aphuze. U-Eliya wakhuphukela esiqongweni eKharmeli, wakhothamela phansi, wafaka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe.


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”


ngathi: ‘Manje amaFilisti azokwehlela kimi angihlasele eGiligali ngingakakhuleki,’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”


USamuweli wayesesuka wakhuphuka eGiligali, waya eGibheya kwaBhenjamini. USawule wabala abantu ababesasele naye, babecishe babe ngama-600.


U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.


UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo.


uHezerayi waseKharimeli, uPhaharayi wase-Arabhi,


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite