Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 15:11 - IsiZulu 2020

11 “Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngiyazisola ngokuthi ngibeke uSawule njengenkosi, ngokuba wachezuka kimi, akagcinanga imiyalo yami. Lokhu kwamphatha kabi uSamuweli; wakhuleka kuJehova ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 15:11
44 Referans Kwoze  

USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade,


wayesezisola uSimakade ukuthi ubadaleleni abantu emhlabeni. Lokho kwamkhathaza enhliziyweni yakhe, wayesethi:


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi.


mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi.


Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.


USamuweli akaphindanga wambona uSawule waze wafa. Kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uSimakade wazisola ukuthi wayembekile uSawule waba yinkosi, wabusa u-Israyeli.


Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa.


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye.


Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


USimakade akayukuguquka, ufunge wagomela wathi: “Wena ungumphrofethi kuze kube phakade ngokukaMelkhizedeki.”


Ngenxa yothando lwami bayangizonda, mina ngisemkhulekweni njalo.


Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa, baphambuka njengomnsalo ogejile.


Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


“Isho kanje inhlangano yonke kaSimakade: ‘Siphambeko sini lesi enisenze kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nimjikele namuhla ngokungabe nisamlandela uSimakade ngokuzakhela i-althare, na? Ningamhlubuka kanjani uSimakade namuhla, na?


Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.


Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa.


Bamlinga uNkulunkulu bephindelela, bemdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.


UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wase eyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa njengoba ebeshilo.


USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.


“Ngizobashaya ngibaqothule ebusweni bomhlaba abantu engibadalileyo. Abantu nezilwane, izilwane ezihuquzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngikudaleleni.”


UMose washweleza kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhipha eGibhithe ngamandla amakhulu, nangesandla esiqinileyo na?


USimakade wawuguqula umqondo wakhe ngenhlekelele ayehlose ukuyehlisela abantu bakhe.


Kodwa lokho kwaba kubi emehlweni kaSamuweli, lapho ethi: “Sinike inkosi ukuba isehlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuSimakade.


Lase lifika izwi likaSimakade kuSamuweli, lathi:


UNkulunkulu wathumela ingelosi eJerusalema ukuba ilibhubhise. Kwathi lapho isabhubhisa uSimakade wabuka, wazisola ngale nhlekelele, wathi engelosini eyayibhubhisa: “Sekwanele manje, finyeza isandla sakho.” Ingelosi kaSimakade yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani, umJebusi.


ngokuba bachezuka ekumlandeleni, abaze banaka neyodwa yezindlela zakhe.


Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo.


Kepha niphendukile futhi nalihlambalaza igama lami, kwaba yilowo nalowo wabuyisa isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe enanizikhululile ngokufisa kwazo ukuba zihambe, seniphinde nazibuyisa ukuba nizicindezele futhi zibe yizigqila nezigqilakazi zenu.


“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


USimakade wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayisiphambukile kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakale kabili kuye,


USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite