Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:47 - IsiZulu 2020

47 Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

47 USawule wathatha ubukhosi kwa-Israyeli, walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; futhi nomaphi lapho ephendukela khona, wayebahlupha.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:47
17 Referans Kwoze  

Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


Ngazo zonke izinsuku zikaSawule, kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti. Kwakuthi lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla azithathele bona.


USimakade wayengashongo yini ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kodwa wabasindisa ngesandla sikaJerobhowamu, indodana kaJowashi na?


UNkulunkulu wabuye wavusa omunye ozomelana noSolomoni, uRezoni, indodana ka-Eliyada, owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri, inkosi yaseZobha.


UDavide wamnqoba uHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha, ngesikhathi ephumele ukuyobuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.


USawule wayesekhulakhulile ngesikhathi eqala ukubusa. Esebuse iminyaka emibili kwa-Israyeli,


Manje bhekani, inkosi sekuyiyo ehamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga. Nanka amadodana ami anani; selokhu ngahamba phambi kwenu, kusukela ebusheni bami kuze kube namuhla.


USawule wayesebuya, wakhuphuka, akabe esawalandela amaFilisti; wona aya endaweni yawo.


Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.


Indodakazi endala yazala umfana yamqamba yathi nguMowabi. Nguyena ongukhokho wesizwe sakwaMowabi nanamhlanje.


Indodakazi encane yazala nayo umfana yamqamba yathi nguBheni-Ami. Ungukhokho wesizwe sabakwa-Amoni nanamhlanje.


Nanku umlando wezizukulwane zika-Esawu obuye abizwe ngo-Edomi.


U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.


Yilolo-ke uhla lwamadodana nezikhulu ababezalwa ngu-Esawu ongu-Edomi.


Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awubuyelanga emuva ulambatha, nenkemba kaSawule yadla abaningi.


UDavide wabusa wonke u-Israyeli, wenzela bonke abantu bakhe ubulungiswa nokulungileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite