Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:44 - IsiZulu 2020

44 USawule wathi: “Makenze kanjalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 USawule wathi: “UNkulunkulu makenze lokhu, enezele, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:44
11 Referans Kwoze  

Kuphila kukaSimakade osindisa u-Israyeli, ngisho noma ngabe senziwe nguJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akekho noyedwa owamphendula.


Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.”


UNkulunkulu makenze kanjalo kuzo zonke izitha zikaDavide, anezelele kulokho, uma ekuseni ngakusasa ngizoshiya noma oyedwa wesilisa ongowakhe.”


Uma uthole uju, yidla okwanele wena, funa lukucike, bese uphalaza.


“Niyakuthi ku-Amasa: ‘Awusilo yini wena ithambo lami nenyama yami na? UNkulunkulu makenze kimi noma yini, uma wena kusukela manje, ungeke ube ngumkhuzi wempi yami esikhundleni sikaJowabe.’ ”


Abantu ababekuwo wabakhipha, wababulala ngamasaha, ngezibhulo zensimbi, nangamazembe ensimbi, abanye wabasebenzisa ukubumba izitini. Lokho wakwenza kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide, nabo bonke abantu, babuyela eJerusalema.


UDavide wathukuthela kakhulu ngenxa yalowo muntu, wathi kuNathani: “Ngifunga ngiyagomela kuSimakade, umuntu owenze lokho umelwe wukufa.


UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,


Sekwedlule izinyanga ezintathu, uJuda wathola umbiko othi: “UThamari, umalokazana wakwakho, unecala lobufebe, useze wakhulelwa kulobo bufebe bakhe.” UJuda wathi: “Mkhipheleni eshashalazini, ashiswe ngomlilo.”


Lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, ndodakazi yami, waze wangilaya, wangibangela ukuhlupheka okukhulu. Phela ngivule umlomo wami ngakhuluma kuSimakade, manje angisakwazi ukusihoxisa isifungo sami.”


U-Eli wathi: “Ukhulume izwi elithini kuwe na? Ungangifihleli lutho; uNkulunkulu makenze kanjalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho akukhulume kuwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite