Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:33 - IsiZulu 2020

33 Abanye base bembikela uSawule, bathi: “Uyabona-ke, abantu sebonile kuSimakade badla okunegazi.” Wathi uSawule: “Nenze kabi, ngakho-ke namuhla gingqelani kimi itshe elikhulu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.” Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Base bemtshela uSawule lokho, bathi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla igazi.” Wathi: “Nenile; gingqela itshe elikhulu kimi namuhla.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:33
12 Referans Kwoze  

Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho.


Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho, yikhona-ke uzakubonisisa kahle ukuze ukhiphe uthi olusesweni lomfowenu.


Kepha masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokudla inyama yesilwane esiklinyiwe, nokusenegazi.


Aniyukulidla igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo kunoma yiyiphi yezindlu zenu.


Oyodla igazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


“ ‘Aniyukudla lutho olunegazi, aniyukwenza imilingo, noma nihumushe izimpawu.


Igazi kuphela eningayikulidla, kodwa niyakulichitha emhlabathini njengamanzi.


Qaphelani kuphela ukuba ningalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo. Aniyukuwudla umphefumulo kanye nenyama.


Igazi lalo kuphela ongeyukulidla; uyolithela emhlabathini njengamanzi.”


USawule wathi: “Hlakazekani phakathi kwabantu, nibatshele bonke, nithi: ‘Akube yilowo nalowo alethe kimi inkabi yakhe, omunye imvu yakhe, nikuhlabe lapha kule ndawo, nikudle, ningabe nisona kuSimakade ngokudla okunegazi.’ ” Abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe, bakuhlaba bona mathupha lapho.


Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite