Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:27 - IsiZulu 2020

27 UJonathani wayengasizwanga isifungo uyise asenzisa abantu. Wayeselula isihloko senduku yakhe ayeyiphethe, wayicwilisa ojwini, walukhotha; ayeseqabuka amehlo akhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kepha uJonathani akalalelanga lapho uyise eyala abantu; ngakho welula isihloko sodondolo olusesandleni sakhe, walucwilisa ekhekhebeni lezinyosi, wasibeka isandla sakhe emlonyeni wakhe; lamehlo akhe akhanya.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:27
6 Referans Kwoze  

Bamnika ucezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zamagilebhisi omisiwe, wadla, ayesebuyela kuye amandla akhe, lokhu wayengakaze adle sinkwa noma aphuze manzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


USawule wayesethi kuJonathani: “Ngitshele okwenzileyo.” UJonathani wamtshela wathi: “Impela nginambithe iconsana loju ngesihloko senduku ebisesandleni sami. Sengizakufa.”


UJonathani wayesethi: “Ubaba ulihluphile izwe. Ake nibheke ukuthi amehlo ami aseqabuke kanjani ngenxa yokukhotha nje leli consana loju.


Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakeleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.


Omunye kubantu wathi: “Uyihlo ubafungisile nokubafungisa abantu, wathi: ‘Makaqalekiswe umuntu ozokudla ukudla namuhla.’ Abantu base bephelelwe ngamandla.”


Ndodana yami, yidla uju, ngokuba lumnandi; uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite