Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:24 - IsiZulu 2020

24 Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Abantu bakwa-Israyeli bacindezelwa ngalolo suku, ngokuba uSawule wabayala abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla noma yini kuze kuhlwe, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami. Ngakho kakho ebantwini owanambitha ukudla.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:24
19 Referans Kwoze  

Ngaleso sikhathi uJoshuwa wenza lesi sifungo wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaSimakade lowo oyozama ukwakha lo muzi iJerikho. Obeka isisekelo salo uyakulahlekelwa yizibulo lakhe, ovuselela amasango alo uyakulahlekelwa yindodana yokugcina.”


Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini,


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


Ukukhuluma komuntu ongenabunkulunkulu kuyambulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bakhululwa ngolwazi.


UNkulunkulu owangiphindiselela, wenza izizwe zakhonza phansi kwami.


“Uma abaholi bakwa-Israyeli behamba phambili, nabantu bazinikela ngokukhululeka, makadunyiswe uSimakade!


Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe.


U-Israyeli wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma ubanikela nokubanikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuyichitha impela imizi yabo.”


“ ‘Umuntu oqalekisiweyo phakathi kwabantu akasoze ahlengwa; uyobulawa nokubulawa.


umphristi uyomfungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, athi: “USimakade makakwenze isiqalekiso nesifungo sesiqalekiso kwabakini; uSimakade ashwabanise ithanga lakho, avuvukalise nesisu sakho;


Bonke abantu bangena ehlathini; kwakukhona uju phansi.


Kuphila kukaSimakade osindisa u-Israyeli, ngisho noma ngabe senziwe nguJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akekho noyedwa owamphendula.


USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni lobolo, ifuna kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiselwe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wayecabanga ukuthi uDavide uzobulawa ngamaFilisti.


“ ‘Uma umuntu efunga egomela ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma okuhle, kumbe akhulume budlabha afunge, engakucabangisisile, lapho esazi uyoba necala lokunye kwalokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite