Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:20 - IsiZulu 2020

20 USawule wabiza bonke abantu ababenaye, bahamba baya ukuyolwa. Kwaba yilowo nalowo wasingena ngenkemba isitha, yatholana phezulu kwashunqa uthuli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, bangena ekulweni;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:20
8 Referans Kwoze  

Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa.


Ngesikhathi eshaya amacilongo angama-300, uSimakade wenza ukuba izitha zibulalane zodwa, yonke impi yesitha; impi yabaleka yaze yayofika eBhethi Shitha ngaseZerera, nasemngceleni wase-Abhela Mehola ngaseThabhathi.


“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa, umfowabo alwe nomfowabo, umakhelwane alwe nomakhelwane, umuzi ulwe nomuzi, nombuso ulwe nomunye umbuso.


Abaqaphi bakaSawule eGibheya kwaBhenjamini babona isixuku sihlakazeka, siya ngapha nangalaphaya.


Ngiyakumbizela inkemba uGogi imelane naye, ivela kuzo zonke izintaba zami, inkemba yalowo nalowo iyakumelana nomfowabo.


“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”


Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yabhubhisa amahhashi nezinqola zempi, yabulala ama-Aramu amaningi kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite