Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:13 - IsiZulu 2020

13 UJonathani wakhuphuka ekhasa ngezandla nezinyawo, nodibi lwakhe lumlandela. Abantu bawa phambi kukaJonathani, udibi lwakhe olwalumlandela lwabacoboshisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJonathani wagibela izandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwezikhali zakhe emva kwakhe, bawa phambi kukaJonathani; nodibi lwezikhali zakhe lwabulala emva kwakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:13
10 Referans Kwoze  

bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Ngokuba ngawe ngingahlasela impi, ngoNkulunkulu wami, ngingeqa ugange.


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


“USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa.


Masinyane wabiza insizwa eyayiwudibi lwakhe, wathi kuyo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuze abantu bangathi ngami: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Insizwa yamgwaza wafa.


Abantu ababesebuthweni lamaFilisti babamemeza uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani lapha kithi, sizonitshela okuthile.” UJonathani wayesethi odibini lwakhe: “Khuphuka ungilandele, ngokuba uSimakade ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”


Kuleso sehlakalo sokuqala sokubulawa kwabantu uJonathani nodibi lwakhe babulala abantu abangama-20 ebangeni elingathi liyingxenye ye-ekha lensimu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite