Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 14:1 - IsiZulu 2020

1 Langa limbe uJonathani, indodana kaSawule, wathi odibini lwakhe: “Woza siwele, siye ebuthweni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamazisanga uyise ngalokho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamtshelanga uyise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwasekusithi ngolunye usuku uJonathani indodana kaSawuli wathi ejayni eligqoka izikhali zakhe: Woza, sichaphele, siye endaweni yabalindi yamaFilisti engaleya. Kodwa akamtshelanga uyise.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 14:1
13 Referans Kwoze  

Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho.


Wathi ezincekwini zakhe: “Hambani phambi kwami; ngiyanilandela.” Kepha akayitshelanga lutho indoda yakhe, uNabali.


Kwathi ngosuku impi eyayibambene ngalo, akwaba bikho muntu kwabakwa-Israyeli ophethe inkemba noma umkhonto esandleni kulabo ababenoSawule noJonathani, ngaphandle kukaSawule noJonathani, indodana yakhe.


waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


UMoya kaSimakade wehlela kuye ngamandla, walidwengula ngezandla zakhe kwangathi udwengula izinyane lembuzi. Wayengaphethe lutho esandleni sakhe, kodwa akabatshelanga oyise nonina lokho ayekwenzile.


UGideyoni wathatha izinceku zakhe ezilishumi, wenza njengalokhu uSimakade emtshelile, kodwa ngenxa yokuba wayesaba abomndeni wakubo nabantu bomuzi, kakwenzanga lokhu emini, kodwa ebusuku.


Ibutho lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni eMikhimashi.


USawule wahlala emaphethelweni eGibheya, phansi kwesihlahla samahananadi eMigroni. Wayenabantu abangama-600 ababenaye lapho.


Wazitapa ngezandla zakhe, waqhubeka ehamba edla. Lapho efika kuyise nonina, wabanika nabo badla, kodwa akabatshelanga ukuthi uju wayelutape esidunjini sengonyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite