Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 13:3 - IsiZulu 2020

3 UJonathani wabhubhisa ibutho lamaFilisti elalikanise eGebha, amaFilisti ezwa ngalokho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “AmaHebheru mawezwe!”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJonathani wachitha ikampu yamaFilisti eyayiseGeba; amaFilisti ezwa ngakho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 13:3
12 Referans Kwoze  

“Emveni kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu; ikhanda lempi yamaFilisti lilapho. Kuyakuthi uma usufikile kulowo muzi, uyohlangana neviyo labaphrofethi behla endaweni ephakemeyo, kunogubhu, isigubhu, igekle, nehabhu phambi kwabo, bephrofetha.


Kwathi ukuba afike lapho, washaya icilongo ekwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli behla naye kwelezintaba, ebahola.


UMoya kaSimakade wehlela kuGideyoni, washaya icilongo, ama-Abhiyezeri abuthana, amlandela.


Izwe lonke liyakuphenduka lifane ne-Arabha kusukela eGebha kuya eRimoni ngaseningizimu yeJerusalema. IJerusalema liyakuphakama lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni LikaBhenjamini kuze kube seSangweni Lakuqala, kufinyelele eSangweni Legumbi; kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini lenkosi.


badlula entubeni, ebusuku bahlala eGebha; iRama liyathuthumela, iGibheya likaSawule lithi galo yephuka.


UDavide ngaleso sikhathi wayesenqabeni, ibutho lamaFilisti liseBhethlehema.


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bama, ababe besabahubha abakwa-Israyeli, futhi ababange besalwa.


USawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu ababe naye bahlala eGebha kwaBhenjamini; amaFilisti akanisa eMikhimashi.


Esizwaneni sakwaBhenjamini bathola: iGibheyoni namadlelo alo, iGebha namadlelo alo,


iKhefari Amoni, i-Ofini, neGebha. Kuyimizi eli-12 nemizana yaso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite