Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 13:22 - IsiZulu 2020

22 Kwathi ngosuku impi eyayibambene ngalo, akwaba bikho muntu kwabakwa-Israyeli ophethe inkemba noma umkhonto esandleni kulabo ababenoSawule noJonathani, ngaphandle kukaSawule noJonathani, indodana yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonathani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngosuku lokulwa kwakungekho nkemba namkhonto esandleni sanoma yimuphi wabantu ababenoSawule noJonathani; kepha kwakunoSawule noJonathani indodana yakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 13:22
7 Referans Kwoze  

Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.


Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”


Imali ababeyikhokhela ukulola igejazembe noma imfologo kwakuyizingxenye ezimbili kwezintathu zeshekeli, kuthi imbazo nezincijo zokuhlokoloza izinkomo kube yingxenye eyodwa kwezintathu zeshekeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite