Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 13:19 - IsiZulu 2020

19 Wayengekho umkhandinsimbi kulo lonke izwe kwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHebheru azakhele izinkemba nemikhonto.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “AmaHeberu angazizenzele izinkemba nemikhonto.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 13:19
6 Referans Kwoze  

Yathumba lonke iJerusalema, zonke izikhulu, wonke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizi-10 000, izingcweti nabakhandi, ayishiyanga muntu, ngaphandle kwalabo bezwe ababedla imbuya ngothi.


USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


“Mina ngidale umkhandi ovuthela amalahle emlilweni, akhiqize izikhali ezilungele umsebenzi wakhe; Mina ngidalile futhi umbhubhisi, ukuba abhubhise.


Bonke abakwa-Israyeli behlela kuwo amaFilisti ukuze kube yilowo nalowo alole ummese wakhe, igejazembe, imbazo nesikela lakhe.


Lokhu kwenzeka emveni kokuba inkosi uJekhoniya, indlovukazi emzalayo, izikhulu zasesigodlweni, izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, izingcweti nabakhandi, sebesukile eJerusalema,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite