Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:8 - IsiZulu 2020

8 “Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi uJakobe engena eGibithe, oyihlo bakhuleka kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni, bakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:8
19 Referans Kwoze  

UJakobe wehlela eGibhithe; wafela khona, yena nawokhokho.


Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe,


USamuweli wathi kubantu: “NguSimakade owabeka uMose no-Aroni, nowakhuphula okhokho benu eGibhithe.


Wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘U-Israyeli ngamkhuphula eGibhithe, ngamhlenga esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sayo yonke imibuso eyayimcindezela.’


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.


Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.


Yibo o-Aroni noMose uSimakade athi kubo: “Khiphani abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.”


USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite