Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:5 - IsiZulu 2020

5 Wayesethi kubo: “USimakade ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wathi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami. Base bephendula bathi: “Ungufakazi.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:5
14 Referans Kwoze  

“Uma okwebiweyo kutholakala esandleni salo kusaphila, kungaba yinkabi, yimbongolo noma yimvu, isela liyakukhokha ngokuphindwe kabili.


Noma-ke mabasho laba ukuthi cala lini abalithola mhla ngimi phambi komkhandlu,


Kwaqubuka omkhulu umsindo, kwase kusukuma abathile beqembu labaFarisi abayizazimthetho, balwa kakhulu, bethi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu. Siyothini uma kukhulume ingelosi noma umoya kuye na?”


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi.


Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Esekushilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye.


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


Emveni kokuba uSimakade esekhulume lawo mazwi kuJobe, uSimakade wathi ku-Elifazi, umThemani: “Ngithukuthelele wena nabangani bakho ababili, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami, uJobe.


UDavide wathi ku-Abhishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelula isandla sakhe amelane nogcotshiweyo kaSimakade, angabi nacala na?”


Bathi: “Awusiqolanga, awusicindezelanga, awemukelanga lutho esandleni samuntu.”


Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”


Ngisho manje, ufakazi wami usezulwini, ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite