Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:2 - IsiZulu 2020

2 Manje bhekani, inkosi sekuyiyo ehamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga. Nanka amadodana ami anani; selokhu ngahamba phambi kwenu, kusukela ebusheni bami kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bhekani, inkosi iyaphuma phambi kwenu, mina-ke sengimdala, ngiyimpunga; bhekani, amadodana ami akini, mina ngihambile phambi kwenu kusukela ebuntwaneni bami kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:2
17 Referans Kwoze  

athi kuye: “Bheka, usumdala manje, amadodana akho awahambi ezindleleni zakho; sibekele inkosi ukuba isehlulele njengezizwe zonke.”


ukuze nathi sifane nezizwe zonke, inkosi yethu isehlulele, kube yiyo esiholayo lapho siphuma impi, ilwe izimpi zethu.”


Kwathi lapho uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe ukuba abe ngabehluleli kwa-Israyeli.


Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, aphambukela enzuzweni embi, agwazelwa, ahlanekezela ubulungiswa.


ozophuma angene phambi kwayo, abakhiphe, abafake, ukuze inhlangano kaSimakade ingabi njengezimvu ezingenamelusi.”


nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala.


Ngokuba mina sengivele ngiyanikelwa, nesikhathi sokumuka sesifikile.


Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.


U-Eli wayesembiza uSamuweli, wathi: “Samuweli, ndodana yami!” Wathi: “Ngilapha.”


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’


U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana.


USimakade wafika wema, wambiza njengalokhu ebenzile ngesikhathi esiphambili: “Samuweli, Samuweli!” USamuweli wathi: “Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa.”


Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,


uJoshuwa wabiza bonke abakwa-Israyeli, amalunga akhona, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, wathi kubo: “Manje sengimdala, neminyaka yami isiminingi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite