Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 12:10 - IsiZulu 2020

10 Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 12:10
18 Referans Kwoze  

Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.”


Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.


Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.


Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo, ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo.


Kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyathi Jeharimi, kwedlula isikhathi eside, iminyaka engama-20. Yonke indlu yakwa-Israyeli yakhala kuSimakade.


Lapho abakwa-Israyeli bekhala kuSimakade ngenxa yabakwaMidiyani,


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.


nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.


Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali;


Ngakho-ke abakwa-Israyeli babuthana eMizpha. Bakha amanzi, bawathulula phambi kukaSimakade, bazila, bathi: “Sonile kuSimakade.” USamuweli wabehlulela abantu bakwa-Israyeli eMizpha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite