Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 11:4 - IsiZulu 2020

4 Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zamemezela lezi zindaba ezindlebeni zabantu, futhi bonke abantu baphakamisa amazwi abo bakhala inyembezi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 11:4
15 Referans Kwoze  

USawule naye waya ekhaya eGibheya; amaqhawe ayethintwe nguNkulunkulu ezinhliziyweni zawo ahamba naye.


Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala.


UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila.


USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela emzini wakhe eGibheya likaSawule.


Abantu bafika eBhethele, bahlala lapho phambi kukaNkulunkulu kwaze kwaba kusihlwa, badazuluka, bakhala kalusizi.


Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.


Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.


Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”


USawule wahlala emaphethelweni eGibheya, phansi kwesihlahla samahananadi eMigroni. Wayenabantu abangama-600 ababenaye lapho.


U-Esawu wathi kuyise: “Baba, ubunesibusiso esisodwa na? Ngibusise nami baba!” Wadazuluka wakhala.


Abakwa-Israyeli bakhuphuka, bayokhala phambi kukaSimakade kwaze kwaba kusihlwa; babuza kuSimakade, bathi: “Siphinde yini sisondele kubafowethu bakwaBhenjamini siyolwa nabo, na?” USimakade wathi: “Khuphukani, nilwe nabo.”


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


inhloko kwakungu-Ahiyezeri noJowashi, ababengamadodana kaShemaha waseGibheya; uJeziyeli noPhelethi, amadodana ka-Azimavethi; uBherakha, uJehu wase-Anathothi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite