Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 11:15 - IsiZulu 2020

15 Bonke abantu baya eGiligali, bafika bambeka khona eGiligali uSawule, waba yinkosi phambi kukaSimakade. Bahlaba lapho imihlatshelo neminikelo yokuthula phambi kukaSimakade. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bonke abantu baya eGiligali, bambeka khona uSawule waba yinkosi phambi kukaJehova eGiligali; bahlaba khona imihlatshelo yeminikelo yokuthula phambi kukaJehova; uSawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bonke abantu baya eGiligali; bambeka khona uSawule inkosi eGiligali phambi kukaJehova; banikela khona imihlatshelo yokubonga phambi kukaJehova; uSawule nawo wonke amadoda akwa-Israyeli bajabula kakhulu lapho.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 11:15
12 Referans Kwoze  

“Uyohamba phambi kwami uye eGiligali, bheka ngizokuza kuwe ukuze nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula. Uyohlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike lapho ukhona, ngikutshele oyakukwenza.”


USamuweli wabiza imbizo yabantu ukuba baye kuSimakade eMizpha.


Kepha manje niyazigabisa nina; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.


Angithi namuhla yisikhathi sokuvuna ukolo na? Ngizokhuleka kuSimakade ukuba alethe ukuduma nemvula, ukuze nazi, nibone ukuthi bukhulu kangakanani ububi enibenzile emehlweni kaSimakade ngokucela inkosi.”


Kepha abantu bala baphetha ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Qha, sifuna ukuba kube khona inkosi isibuse,


Wathuma izinsizwa zakwa-Israyeli zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uSimakade amaduna ukuba abe yimihlatshelo yokuthula.


USamuweli wathi ku-Israyeli wonkana: “Niyabona-ke, ngililalele izwi lenu kukho konke enikushilo kimi; ngibeke inkosi ukuba inibuse.


Inkosi yayisibuya, yafika eJordani, uJuda wafika eGiligali ukuzohlangabeza inkosi, nokuba ayiwelise iJordani.


USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona lowo uSimakade amkhethileyo, ukuthi akekho onjengaye phakathi kwabantu bonke na?” Bonke abantu bakhamuluka bathi: “Mayime njalo inkosi!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite