Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 11:1 - IsiZulu 2020

1 UNahashi wakwa-Amoni wenyuka, wakanisa eJabheshi Gileyadi. Bonke abantu baseJabheshi bathi kuNahashi: “Masenze isivumelwano, thina sizokukhonza.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi: “Yenza isivumelwano nathi, siyakukukhonza.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesekhuphuka uNahashi, umAmoni, wamisa malungana neJabeshi kwaGileyadi; onke amadoda aseJabeshi athi kuNahashi: Yenza isivumelwano nathi, sikukhonze.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 11:1
23 Referans Kwoze  

“Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.


Yayisithatha owozalo lwasebukhosini, yenza naye isivumelwano, yamfungisa, yathumba nabaholi balelo lizwe,


UBheni Hadadi wathi kuye: “Imizi eyadliwa ngubaba kuyihlo ngizoyibuyisa, uyakuzenzela imigwaqo eDamaseku njengalokhu ubaba enza eSamariya.” U-Ahabi wathi: “Ngenxa yalesi sivumelwano ngizokuvumela ukuba uhambe.” Base benza isivumelwano, wayesemvumela ukuba ahambe.


Base bethi: “Sikhona yini esinye isizwana phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, na?” Kwatholakala ukuthi akukho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi oweza enkanjini enhlanganweni.


Bathi: “Kuyasikhanyela ukuthi uSimakade unawe. Yikho sithi: ‘Masenze isifungo phakathi kwethu nawe, kube khona isivumelwano phakathi kwethu,’


Iyosenza yini nawe isivumelwano sokuba uyithathe, ibe yinceku, kuze kube phakade na?


Ningenzi isivumelwano nazo, noma nonkulunkulu bazo.


“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: ‘Yakhani uxolo nami, niphume nize kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,


Ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni samaFilisti, nasesandleni sabakwa-Amoni,


“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


Kwathi emveni kwalokho inkosi yabakwa-Amoni yafa, uHanuni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sayo.


UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, njengoba uyise angenzela ububele.” UDavide wathumela izinceku zakhe ukuba ziyomduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni.


Kwathi ukuba uDavide afike eMahanayimi; uShobi, indodana kaNahashi waseRabha kwa-Amoni, uMakhiri, indodana ka-Amiyeli waseLo Debhari, noBharizilayi, umGileyadi, waseRogelimi,


Kwathi ukuba bonke abaJuda ababekwaMowabi, kwa-Amoni, kwa-Edomi, nakuwo wonke amanye amazwe, sebezwile ukuthi inkosi yaseBhabhele iyishiyile insali kwaJuda, nokuthi ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi wabo,


bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi uBhahalisi, inkosi yabakwa-Amoni, uthumele u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, ukuba akubulale na?” Kepha uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, akazange abakholwe.


Emveni kwesikhathi, abakwa-Amoni balwa nabakwa-Israyeli.


UDavide wayesethumela izithunywa kubantu baseJabheshi Gileyadi, wathi kubo: “USimakade makanibusise, ngokuba nikhombise isihawu enkosini yenu uSawule, nayingcwaba.


Sebezwile bonke abaseJabheshi Gileyadi ngakho konke okwenziwe ngamaFilisti kuSawule,


asuka wonke amadoda anamandla ayothatha isidumbu sikaSawule nezamadodana akhe, aziletha eJabheshi. Amathambo abo awambela phansi kwe-okhi eJabheshi, azila ukudla izinsuku eziyikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite