Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 10:6 - IsiZulu 2020

6 UMoya kaSimakade uyokwehlela phezu kwakho, uphrofethe kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UMoya kaJehova uzakufika phezu kwakho, uprofethe kanye nabo, uguqulwe ube ngomunye umuntu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 10:6
14 Referans Kwoze  

Kuthe ukuba bafike entabeni, kweza iviyo labaphrofethi ukuzohlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waphrofetha ephakathi kwabo.


USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


UMoya kaSimakade wehlela kuye ngamandla, walidwengula ngezandla zakhe kwangathi udwengula izinyane lembuzi. Wayengaphethe lutho esandleni sakhe, kodwa akabatshelanga oyise nonina lokho ayekwenzile.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe, wabehlulela abakwa-Israyeli; waphuma waya empini, uSimakade wayinikela esandleni sakhe inkosi uKhushani Rishathayimi yase-Aramu, wamehlula uKhushani Rishathayimi.


Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’


Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.


Kepha kwakusele amadoda amabili enkanjini. Igama leyokuqala kwakungu-Elidadi, negama leyesibili kunguMedadi. Umoya wahlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo ayebhalisiwe, kodwa ayengayanga ethendeni, nawo aphrofetha enkanjini.


UMose wathi kuye: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi ngabe bonke abantu bakaSimakade bangaba ngabaphrofethi, uSimakade abeke uMoya wakhe phezu kwabo.”


Kwathi lapho esuka kuSamuweli, uNkulunkulu waguqula inhliziyo yakhe yaba ngenye; zonke lezo zibonakaliso zehlela phezu kwakhe ngalolo lusuku.


USawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide. Kwathi lapho zibona iviyo labaphrofethi bephrofetha, kumi uSamuweli engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wehlela ezithunyweni zikaSawule, nazo zaphrofetha.


Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.


Esekuzwile lokho uSawule, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule; wathukuthela wagana unwabu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite