Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 10:26 - IsiZulu 2020

26 USawule naye waya ekhaya eGibheya; amaqhawe ayethintwe nguNkulunkulu ezinhliziyweni zawo ahamba naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Naye uSawule waya ekhaya eGibeya; kwahamba naye iviyo lamadoda anhliziyo yawo yayithinte uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 10:26
12 Referans Kwoze  

Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.


USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela emzini wakhe eGibheya likaSawule.


iZela, i-Hahelefi, iJebusi okuyiJerusalema, iGibheya, neKiriyathi, kuyimizi eli-14 nemizana yayo. Lesi kwakuyisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo.


Bekuzwa lokho abezizwe bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke labo ababemiselwe ukuphila okuphakade.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”


AbakwaBhenjamini babuthanela eGibheya bevela emizini, ukuze baphume bayolwa nabakwa-Israyeli.


Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema.


waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


badlula entubeni, ebusuku bahlala eGebha; iRama liyathuthumela, iGibheya likaSawule lithi galo yephuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite