Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 10:25 - IsiZulu 2020

25 USamuweli wayesebatshela abantu ngamalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaSimakade. USamuweli wayidedela inhlangano yahlakazeka, kwayilowo nalowo muntu wabuyela ekhaya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 USamuweli wayesebatshela abantu indlela yombuso, wayiloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wayesebamukisa bonke abantu, kwaba yilowo nalowo waya endlini yakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 10:25
13 Referans Kwoze  

Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle;


amakhosi nazo zonke iziphathimandla, ukuze sihlale kahle ngokuthula, ngokwesaba uNkulunkulu, nangakho konke ukuhlonipheka.


“Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu, ihlale khona, ibe ngubufakazi, imelane nani.


Manje lalela abakushoyo, kodwa-ke uze ubexwayise impela, ubatshele ngendlela inkosi eyakubusa ngayo phezu kwabo.”


USamuweli wayesethi kubantu: “Wozani, masihambe siye eGiligali sifike simise umbuso khona.”


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.


UJoshuwa wayesebabusisa, wabakhulula ukuba bahambe, bahamba babuyela emathendeni abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite