Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 10:21 - IsiZulu 2020

21 Wayesesondeza isizwana sakwaBhenjamini ngemindeni yaso, kwenziwa unkatho, lwadla umndeni wakwaMathri; lwadla noSawule, indodana kaKishi. Kepha kwathi lapho bemfuna, akafunyanwanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Esesondele isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yaso, kwathathwa umndeni wakwaMatiri, noSawule indodana kaKishi wathunjwa; kwathi sebemfuna, akabange esafunyanwa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 10:21
7 Referans Kwoze  

Kusukela lapho, bacela inkosi. UNkulunkulu wabanika uSawule, indodana kaKhishi, umuntu wesizwe sakwaBhenjamini, iminyaka engama-40.


USamuweli wayesezisondeza zonke izizwana zakwa-Israyeli, kwathi isizwana sakwaBhenjamini sadliwa wunkatho.


Babuye babuza kuSimakade ukuthi: “Usazofika yini lowo muntu na?” USimakade waphendula wathi: “Bheka, ukhona, ucashe empahleni.”


U-Abhineri wakhuluma futhi nabakwaBhenjamini; wayesuka eyotshela uDavide eHebhroni ngakho konke okuhle u-Israyeli nabo bonke abendlu yakwaBhenjamini ababezimisele ukukwenza.


Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.”


Wayenendodana igama layo kunguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.


Unkatho luyayiqeda ingxabano; luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite