Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.