Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 1:22 - IsiZulu 2020

22 Kodwa uHana akenyukanga, wathi kumyeni wakhe: “Angiyukwenyuka aze alunyulwe umntwana; khona ngizakumyisa ukuba abonakale phambi kukaSimakade, ahlale lapho njalo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha uHana akenyukanga, ngokuba wathi kumyeni wakhe: “Hhayi aze alunyulwe umntwana; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 1:22
17 Referans Kwoze  

ngakho-ke nami ngimnikela kuSimakade ukuba ngazo zonke izinsuku zokuphila kwakhe abe ngokaSimakade.” Wakhothama kuSimakade elapho.


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”


Kwathi ukuba ziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bayomethula eNkosini,


Umntwana uSamuweli wayemkhonza uSimakade, phambi kuka-Eli. Izwi likaSimakade lalingavamile ngalezo zinsuku, nombono wawuyivelakancane.


USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.


U-Elikhana waphindela eRama, endlini yakhe. Umntwana wakhonza uSimakade phansi kweso lika-Eli.


“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.


“ ‘Izwe aniyukulithengisa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi abagogobeleyo nami.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


USimakade akayukuguquka, ufunge wagomela wathi: “Wena ungumphrofethi kuze kube phakade ngokukaMelkhizedeki.”


Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe.


Impela okuhle nomusa kuyohlala kungilandela imihla yonke yokuphila kwami. Ngiyohlala endlini kaSimakade kuze kube phakade.


nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.


USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade,


UDavide wathi ku-Akhishi: “Kunjalo, yikhona uyokwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.” U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngakho-ke ngizokubeka ube ngumqaphi njalo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite