Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 1:21 - IsiZulu 2020

21 Lowo muntu, u-Elikhana, waphinda wenyuka nendlu yakhe ukuyonikela kuSimakade umhlatshelo waminyaka yonke, nokuyofeza isithembiso sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Lowo muntu u-Elkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Indoda u-Elkana yakhuphuka kanye nendlu yayo yonke ukunikela ngomhlatshelo weminyaka yonke nesithembiso sayo kuJehova.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 1:21
7 Referans Kwoze  

Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami.


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Unina wayemenzela ijazi minyaka yonke, kuthi lapho enyuka nomyeni wakhe ukuyokwenza umhlatshelo waminyaka yonke, amphathele lona.


niyiyise lapho iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, izithembiso zenu, iminikelo yenu yesihle, neyamazibulo ezinkomo nezimvu zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite