Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 1:10 - IsiZulu 2020

10 Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wayenomunyu emphefumulweni, wakhuleka kuJehova, wakhala kamunyu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 1:10
22 Referans Kwoze  

“Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami.


Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.


“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


USimakade ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona olahliweyo.” kusho uNkulunkulu wakho.


Abantu bafika eBhethele, bahlala lapho phambi kukaNkulunkulu kwaze kwaba kusihlwa, badazuluka, bakhala kalusizi.


Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo.


Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo, ngokuba akasayukubuya; kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo.


Ngingathini na? Phela ukhulumile kimi, futhi ukwenzile yena. Ngiphelelwe ngubuthongo ngenxa yomunyu emphefumulweni wami.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Akangivumeli ukuba ngiphefumule, kepha ungigcwalisa ngomunyu.


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


Wabaphendula wathi: “Ningangibizi ngoNawomi; ngibizeni ngoMara, ngokuba uSomandla ungenzele okubi.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Kwathi lapho eqeda nje ukukhuluma, kwafika amadodana enkosi; adazuluka, akhala, inkosi nazo zonke izinceku zayo bakhala kakhulu.


Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.


UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu.


UHana wasukuma lapho sebedlile, baphuza eShilo. U-Eli, umphristi, wayehleli esihlalweni sakhe ngasensikeni yomyango wethempeli likaSimakade.


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”


Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo, kodwa umfokazi akanakuhlanganyela entokozweni yayo.


URaheli ebona ukuthi akamzalele bantwana uJakobe, waba nomona ngodadewabo, wayesethi kuJakobe: “Nginike abantwana; kungenjalo ngizokufa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite