Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 9:3 - IsiZulu 2020

3 Yiyona-ke le impendulo yami kulabo abangibuzayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Impendulo yami kwabangihlolayo yilena,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Impendulo yami kwabangihlolayo yilena,

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 9:3
14 Referans Kwoze  

Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.


Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Ngalokho, ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze kuthi uma sengifikile nginganiphathi ngesandla esiqinileyo, ngokwegunya iNkosi eyanginika lona, lokuba ngakhe, ngingabhidlizi.


Zihloleni nina, nibone ukuthi nisekukholweni yini, zivivinyeni nina. Noma anazi yini ukuthi uJesu uKhristu ukini na? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.


Lokhu nifuna ubufakazi bokuthi nguKhristu yini okhuluma kimi, Yena akabuthakathaka ukubhekana nani, kodwa unamandla kini.


Uma umuntu ethi ungumphrofethi, noma ethi unesiphiwo somoya, makakuqonde kahle lokhu enginilobele khona ukuthi kungumyalo weNkosi.


Ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukudlulisa umuntu omangalelwe engakamiswa phambi kwabammangaleleyo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.


“Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani ukuziphendulela kwami phambi kwenu manje.”


“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.


Uma kwabanye ngingesiye umphostoli, kodwa kini nginguye, ngokuba nina niluphawu lobuphostoli bami eNkosini.


Asinalo yini ilungelo lokudla nokuphuza na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite