Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 7:2 - IsiZulu 2020

2 Kepha ngenxa yobufebe, akube yileyo naleyo ndoda ibe nomfazi, kanjalo nowesifazane abe neyakhe indoda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 7:2
14 Referans Kwoze  

Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.


Ngakho-ke nani makube yilowo nalowo athande umkakhe, njengalokhu ezithanda yena, kodwa inkosikazi mayihloniphe indoda yayo.


Uma bengakwazi ukuzithiba, mabagane, ngokuba kuhle ukugana kunokusha yinkanuko.


Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isihawu kuSimakade.


Ngakho-ke balekelani ubufebe. Zonke izono umuntu azenzayo zenzeka ngaphandle komzimba, kodwa ofebayo ungcolisa owakhe umzimba.


Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.


Bese nibuza nithi: ‘Ngani na?’ Ngoba uSimakade ubengufakazi phakathi kwakho nonkosikazi wobusha bakho, wena ongethembekanga kuye, obewumngani wakho nonkosikazi wesivumelwano sakho.


Indlu nengcebo kuyifa elivela kubazali, kodwa umfazi ohlakaniphileyo uvela kuSimakade.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo, uyaphinga.


Manje, maqondana nalokho enangilobela ngakho: kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane.


Indoda mayimenelise umfazi ngokocansi, kanjalo nomfazi enze kanjalo endodeni.


kube yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha,


Uma befika oyise noma abafowabo bezokhononda kithi, siyothi kubo: ‘Yibani nomusa kubo, nibavumele bawathathe, ngokuba empini asiyitholelanga mfazi indoda ngayinye, kodwa nani anibanikanga amadodakazi enu, ngabe manje ninecala.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite