Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 4:4 - IsiZulu 2020

4 Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 4:4
24 Referans Kwoze  

Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.


Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhliziyo.


Ngubani owazi amaphutha akhe na? Ngithethelele eziphosisweni ezisithekileyo.


Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Ngokuba akusibo abezwa umthetho abangabalungileyo phambi kukaNkulunkulu, kodwa labo abawenzayo umthetho, yibona abayakulungisiswa.


“Bheka, angiyinto yalutho, ngingakuphendula ngithini na? Kungcono ngibeke isandla sami emlonyeni, ngithule.


Ngibambelele ekulungeni kwami, angisoze ngakuyeka, inhliziyo yami ayizenyezi nangolulodwa lwemihla yami.


Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?


UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Nakuba ngilungile, umlomo wami uyakungilahla, noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.


Ngokuba uma u-Abhrahama walungisiswa ngemisebenzi, unokuzigabisa, kodwa hhayi phambi kukaNkulunkulu.


Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli. Sela


Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile; ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade.


Abaningi bafuna umusa wombusi, kepha ukwehlulelwa komuntu kuvela kuSimakade.


Kepha kimi kuyinto elula ukuba ningahlulele, noma ngahlulelwe ngabantu; nami luqobo angizahluleli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite