Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 3:3 - IsiZulu 2020

3 ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba nisengabenyama;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba nisengabenyama;

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 3:3
17 Referans Kwoze  

ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


Kepha uma nilumana, ninephulana nodwa, qaphelani, funa niqedane.


Ngokuba nginovalo lokuthi lapho ngifika kini, mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikulindele, nami ningifumane nginjengalokho eningakulindele. Nginovalo, hleze kube khona ukuphikisana, umona, ukuthukuthela, imibango, ukuhleba, ukuzikhukhumeza nezinxushunxushu,


Ngokuba okokuqala, uma nihlangana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwehlukana phakathi kwenu; lokho nganxanye ngiyakukholwa.


Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu.


Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu.


ukuze ngalesi sikhathi esisasele nisesemzimbeni ningabe nisaphila ngezinkanuko zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.


Kodwa basephulile isivumelwano njengo-Adamu; bangathembeka kimi ngalokho.


Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye.


Ngokuba uma omunye phakathi kwenu ethi: “Mina ngingokaPawula,” omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo yini abenyama na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite