Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 10:3 - IsiZulu 2020

3 Bonke badla ukudla okufanayo komoya,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 bonke badla kudla kunye komoya;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 10:3
9 Referans Kwoze  

Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”


Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma.


Abantu bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engama-40, baze bafinyelela ezweni okwakhiwe kulo; bayidla imana baze bafika emngceleni weKhanani.


USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha.


Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.


Lapho abantu bakwa-Israyeli belubona, bakhuluma omunye komunye, bathi: “Kuyini lokhu na?” Ngokuba babengazi ukuthi kwakuyini lokho. UMose wathi kubo: “Yisinkwa uNkulunkulu aninike sona ukuba nisidle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite